Share

Umcimbi womaciko eVoortrekker Museum

UMALUSI Arts uhlele umcimbi wamaciko ozobanjelwa eVoortrekker Museum mhla zingama-25 kuNcwaba (August) kugamanxe ihora leshumi nanye (11.30 am).

Lo mcimbi owenzeka njalo ngemuva kwezinyaka ezintathu sekungokwesibili wenzeka kanti kuhloswe ngawo ukunikeza amaciko ahlukene eMgungundlovu, KwaZulu-Natal kanye nasezweni lonke imbala ithuba lokuthi azibonakalise.

Lo mcimbi uhlanganise izinkondlo, umdlalo weshashalazi, umculo, amahlaya kanye nezinkulumo ezakhayo.

Isiqubulo salo mcimbi sithi: “Land Farm Owners”.

Ngokusho kukaMnuz Sibusiso Mahlinza nokunguyena ongumhleli walo mcimbi aphinde abe umsunguli weMalusi Arts uthe ngalesi siqubulo bahlose ukubonisa ukuthi nangaphandle kwe politiki kodwa ubuciko buyalishintsha izwe.

“Mukhulu umehluko owenziwa umculo kulelil’izwe lokho kufakazelwa izingoma ezaziculwa ngesikhathi sobandlululo ezadlala indima enkulu emphakathini nasezingqondweni zabantu ukuze kwagcina kukwaziwe ukuthi abantu baseNingizimu Africa bakwazi ukuhlalisana.

“Nathi sifuna ukusebenzisa ubuciko ukuba sihlanganise abantu bahlale ngokuthula kungabi khona ukukwebhana phakathi kwabo ikakhulukazi abantu abasendimeni yezamaciko,” ubeke kanje.

Uqhube wathi enye into ebenze ukuba baqale lolu hlobo lwemicimbi ingoba babonile ukuthi uMkhandlu woMgungundlovu awunawo umkhiqizo wezamaciko nokwenza ukuthi abantu abathanda bobuciko balangazelele imicimbi efana nalena.

UMnuz Mahlinza uthe useze wathatha isinqumo sokuthi athi khumu kancane ekuhayeni izinkondlo kwazise naye uyimbongi kodwa agxile kakhulu ekusizeni amaciko aseMgungundlovu ukuba aveze ithalente lawo ngokwenza imicimbi efana nalena.

Ukungena kulo mcimbi u-R150 kanti i-VIP yona ingu R200.

Ngeminye imininingwane kungathintwana noMnuz Mahlinza enombolweni ethi: 063 192 1275.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 305 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 440 votes
Vote
Rand - Dollar
18.97
-0.3%
Rand - Pound
23.97
-0.3%
Rand - Euro
20.48
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.36
-0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.4%
Platinum
907.94
+1.2%
Palladium
1,014.30
+1.3%
Gold
2,215.39
+0.9%
Silver
24.91
+1.1%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.9%
Resource 10
57,251
+2.9%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE