Share

Umfundi ushaye uthishanhloko ngempama

AKUKACACI ngekusasa lomfundi wasesikoleni samabanga aphakeme KwaPata Secondary School ngemuva kokuba eshaye uthishanhloko wakulesi sikole ngempama uMnu Sfiso Zuma.

Lo mfundi webanga lika-Grade 11 kuthiwa udinwe ukuthi uMnuz Zuma ushaye ingane yakubo (mfundi) efunda ibanga lika-Grade 8.

Lesi sigameko esisashiye abaningi bemangele senzeke emagcekeni akulesi sikole ngesonto eledlule.

Ngokuthola komthombo we-Echo ongaphakathi kulesi sikole kuthiwa uMnuz Zuma washaya ingane encane efunda kulesi sikole osekuvele ukuthi eyakuboka lo mfundi webanga lika-Grade 11.

“Lo mfundi webanga lika-Grade 11 waphuma egumbini lakhe lokufunda wacela kuthisha owayemufundisa egumbini lakhe engathi uyochama wabe eseqonda ngqo kuZuma. Wafike wambuza ukuthi kungani eshaya ingane yakubo ngempama kungani engayijezisi njengazo zonke izingane esikole. Wabuza ukuthi kungani engamushayi ngepayipi njengoba esuke ehleli enza kubona bonke abafuni abasuke betholwe besephutheni okanye bephume umthetho esikoleni.

“Kuthiwa uMnu Zuma wamuphendula kabi lo mfundi wabe washaya uthishanhloko ngempama njengenye yezindlela yokuziphindiselela ukuthi uthishanhloko ushaye ingane yakubo ngempama.

Kwafika othisha besifazane bethi bazolamula lo mfundi okuthiwa wayedinwe egane unwabu kodwa wayengezwa lutho waphusha omunye wothisha kodwa bagcina bemunqandile,” kubeka lo mthombo.

Kuthiwa uMnu Zuma aze ashaye lo mfundi ngempama ingoba wayemusola ngokuthi ushuka insangu esikoleni nosekuvele ukuthi kwakungamahlamvu.

Ngosuku olundelayo kuthiwa uMnu Zuma akazange alubhade esikoleni. Lo mfundi yena kuthiwa kuze kube imanje usakhona esikoleni uyaqhubeka uyafunda kanti nothishanhloko naye usebuyelile esikoleni.

Kwenzeka lesi sigameko nje ngoLwesine mhla ziyi-9 kuNcwaba (August) kwakubizwe umhlangano wabazali kulesi sikole nalapho babezothola khona nemiphumela yezingane zayo ye-term yesibili.

Ngokuthola kwe-Echo ngomzali owayekhona emhlanganweni kuthiwa uMnu Zuma wayezincoma esho ukuthi ushaye umfundi ngempama ngoba into ayeyenza yamudina kakhulu.

“Wasitshela emehlweni singabazali ukuthi umfundi umshaye ngempama wathi futhi ngisho kuthiwa kade kuyingane yakhe ubezoyishaya. Akazange aphumele obala ukuthi kungani ayishaya ingane kodwa wakhala ngokuthi izingane ziyahlupha zishukela insangu esikoleni kanti kukhona nabafundi abayidayisayo ngaphakathi esikoleni,” kusho lo mzali.

Ngesikhathi i-Echo ithinta uMnu Zuma ukuphikile ukuthi washaywa umfundi ngempama kodwa wangaphumela obala ukuthi kwenzakalani.

“Akusilona iqiniso lelo sekuyihaba ayizange yenzeke into efana naleyo,” kusho uMnuz Zuma.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeMfundo ibhuntshile njengoba bengazange baphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 200 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 431 votes
Vote
Rand - Dollar
19.25
-0.5%
Rand - Pound
23.94
-0.5%
Rand - Euro
20.50
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.35
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
947.60
-0.3%
Palladium
1,022.00
-0.7%
Gold
2,381.98
+0.1%
Silver
28.29
+0.2%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
66,617
-0.9%
All Share
72,665
-0.8%
Resource 10
62,846
-0.7%
Industrial 25
97,603
-0.8%
Financial 15
15,345
-0.9%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE