Share

Umpheki nesu lokuthuthukisa abanye

UMPHEKI waseMgungungundlovu uthi kuyisifo sakhe ukuthi athuthukise abanye abapheki abasafufusa ukuthi baveze ikhono labo emphakathini.

UMnu Mduduzi Hlophe (37) wasendaweni yakaMachibisa uthi uthando lwakhe lokupheka laqala esemncane ngoba wayechitha isikhathi esiningi nogogo wakhe ekhishini.

Ekhuluma ne-Echo uthe ukubona abapheki abasafufusa bengalitholi ithuba lokuziveza kumbe ukufunda ngezinto ezahlukene kwezamabhizinisi kumkhuthazile ukuba aqale uhlelo lwabapheki olubizwa nge-Chefs in the Park oluba njalo ngoLwesihlanu epaki eliseduze kwase-City Hall nalapho abantu bethola khona ithuba lokuzitika ngezibiliboco ezahlukene.

Uthe inhloso yakhe yokuthi aqale lolu hlelo ingoba ufuna ukusiza abanye abapheki ukuthi baziveze bakwazi nokuthola imali yokuqala amabhizini abo.

“Ngifuna bahlangane nabathengi abahlukene ukuze bezofunda izinto ezahlukene ngebhizinisi. Ngesikhathi ngiluqala lolu hlelo ngafaka ezinkundleni zokuxhumana nalapho ngangimema khona abapheki abahlukene ukuba bafake izicelo zokuba ilengxenye ngabe sengikhetha labo ababenazo zonke izinto ezazifuneka.

“Ngesikhathis siluqala loluhlelo ngenyanga kaNdaba (March kuwona lo nyaka ngaqala nabapheki abayisithupha kuphela kodwa manje sesinabapheki abayisikhombisa nokukhombisayo ukuthi siyakhula. Into esiyidingayo nje ukuthola uxhaso kumphakathi wethu ukuba useseke.Kumele kufane nosiko ukuthi njalongoLwesihlanu bayaphuma ngobuningi babo beze bazokweseka osomabhizini abasafufusa,” kubeka yena.

Uthe lolu hlelo bazoliqhuba kuze kuphele iminyaka emithathu kanti iphupho lakhe ukuthi agcine esenabapheki abali-10.

UMnu Hlophe uthe ukukhula ebukela ugogo wakhe epheka njalo kwamusiza kakhulu njengoba afika yonke into seyilula ngesikhathi eya esikoleni sokupheka.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 481 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1065 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE