Share

Umrepha waseMbali ukhiphe ingoma

UMREPHA waseMbali Unit 13 uLincoln Shelembe, owaziwa ngo -KZN The Rapper emculweni, uthi uzimisele ukuthi akhule kule ndima njengoba esanda kukhipha ingoma yakhe esihloko sithi Ghetto Vibes nephume ngenyanga eyedlule.

Ngesikhathi ekhuluma ne-Echo, uShelembe uthe uthando lwakhe lomculo seluze lwamuphoqa ukuba ashiye ngisho emsebenzini alandele iphupho lakhe lokuba umculi.

Uthe uthando lwakhe lomculo walubona ngesikhathi esemncane, kodwa waze waqala ukuzibhalela izingoma ze-hip hop ngonyaka wezi-2005.

Uthe ingoma yakhe uzoyethula ngokusemthethweni emsakazweni womphakathi uMgungundlovu FM ngoMgqibelo mhla zili-15 kuMandulo (September) ohlelweni i-Marvelous Show phakathi kwehora leshumi nambili emini kanye nehora lesithathu ntambama (noon to 3 pm).

“Isimo engikhule ngaphansi kwaso isona besingekho lula ngakhula kanzima kanti isona esingikhuthazile ukuthi ngisukume ngilwele into engiyithandayo ngiveze nethalente lami kubantu ukuze babone ngizothola nokwesekwa.

Ngisebenzisa umculo ukwedlulisa izimo engikhule ngaphansi kwazo ngiphinde ngikhuthaze nabanye abantu ukuthi akumele balahlele ithawula emaphuphweni abo ngoba naku bethi kunzima lapho bephuma khona.

“Ngemuva kokuba ngiqalile ukuthi ngibhale izingoma uthando lwami lokuba umculo lwavele la khula ngenye indlela kodwa ngathi uma ngiqeda umatikuletsheni nganquma ukuba ngiwuyeke umculo ngoba ngithi ngifuna ukufunda bese ngiyasebenza kahle. Ngazama ngasebenza kodwa kwathi uma isikhathi siqhubeka ngezwa ukuthi akusiyona into engangifuna ukuyenza leyo ngabe sengiyashiya emsebenzini ngabuyela emculweni nokuyiyona into engi yiphusha kakhulu ke manje. Umculo uyimpilo yami yiwona ohamba phambili nengizibona nginekusasa eliqhakazile kuwona,” kubeka yena.

Uqhube wathi ngaphandle kwale ngoma yakhe asanda kuyikhipha kumanje umatasa usebenza i-EP yakhe nayo angahle ayikhiphe maduzane. Uthe isifiso sakhe ukuthi agcine esekwazile ukuthi akhiphe i-album esikhathini esizayo. Ngaphandle kokuba umculi uShelembe uphinde abe ngumlingisi . Uphinde abe ngomunye wabaculi abazobe benandisa emcimbini wozime uMiss Cultural Umgungundlovu ngoMgqibelo mhla ziyi-6 kuMandulo eMgungundlovu TVET College.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 467 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 1015 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE