Share

Ushaywe washona osolwa ngokweba e-Ashdown

UTITINYWE ngesibhaxu waze washona owesilisa osolwa ngokweba endaweni yase-Ashdown.

Lo mlisa ebelingakatholakali igama lakhe ushaywe amalungu omphakathi ase-Ashdown waze washona ngoMgqibelo mhla ka-4 kuNcwaba (August) khona kule ndawo.

I-Echo ithole ngomthombo wayo othembekile wakuyo le ndawo ukuthi umufi ubevele efunwa umphakathi kulandela izigameko eziningi zobugebengu okusolakala ukuthi ubezenza kuyo le ndawo.

Ikhansela lakule ndawo uMnuz Dumisani Phungula uthe umufi ubesolakala ezigamekweni eziningi zokuntshontsha kule ndawo.

Uthe umufi ubesolwa ngobugebengu kubalwa ukugqekeza ezindlini, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukuntshontsha izimoto kanye nokweba.

“Umufi ushaywe wabulawa amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu.

Kuthiwa umsolwa ubesebenza nentombi yakhe ukwenza bonke lobugebengu endaweni.

“Nakuba umufi esolwa ngobugebengu asihambisani neze nokuthi umphakathi uzithathele umthetho ngezandla.

“Kumele sibambisaneni ekulwisaneni nobugebengu siwumphakathi kodwa-hhayi ngokuthi sizithathele umthetho ngezandla.

“Uma amalungu omphakathi ebona ubugebengu endaweni yawo, kumele babike kwiziphathimandla zomthetho kube yizona azenza umsebenzi wazo,”kubeka yena.

UMnuz Phungula uthe okuyinkinga kakhulu ukuthi indawo yase-Ashdown yakhelene nesiteshi samaphoyisa iPlessislaer kodwa amaphoyisa awafiki njalo ezohlola le ndawo noma ezoqapha izigebengu kule ndawo.

“Izinga lobugebengu likhulu kakhulu endaweni yase-Ashdown kanti nomphakathi nawo ukhathele awusafuni lutho.”

Kolunye udaba oluhlukile kubulawe omunye umuntu khona endaweni yase-Ashdown ngemuva kwengxabano yotshwala ebe khona.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko wathi bekungakaboshwa muntu.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 518 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 539 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE