BEKUNGUMUNYU wodwa ehholo lomphakathi wase-Cramond ngoLwesine olwedlule mhla zingama-28 kuNhlolanja (February) ngesikhathi kuxolisa umshayeli wetekisi owabulala abantu abali-15 basendaweni yaseThokozani e-Cramond engozini yomgwaqo ngonyaka wezi-2011.
UMnu Bongani Gwala (31) nongowokudabuka eMzumbe nokumanje odonsa isigwebo sakhe seminyaka elishumi ejele i-Sevontein uhlangane namalunga emindeni athintekayo okokuqala ngqa seloku kwenzeka le ngozi ukuze ezoxolisa kuwona nawo aphinde athole ithuba lokumbuza imibizo kanye nencazelo ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
UMnu Gwala ukwenze loku ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi Victim Offender Dialogue (VOD) nokusuke kuhlowe ngalo ukuthi kunikezwe umenzi wokubi kanye nezisulu ithuba lokuxoxa.
Le ngozi eyashiya abantu abaningi yenzeka mhla zingama-30 kuMandulo (September) nalapho umsolwa ayelayishe khona umphakathi waseThokozani ewusa edolobheni laseMgungundlovu.
Imindeni ikhihle isililo ngesikhathi uMnu Gwala esukuma eya ngaphambili eyochaza ngokwenzeka ngosuku lwesigameko waphinde waxolisa.
Amanye amalunga kuze kwadingeka ukuba akhishelwe emnyango ayoshaywa umoya ngenxa yokukhala kakhulu kodwa baphinde babuyiswa sebe ngcono.
Echaza ngesigameko uMnu Gwala uthe wayesenamasonto amathathu kuphela eqalile ukusebenza njengomshayeli wetekisi kulendawo ngemuva kokuba umalume wakhe naye oshayela amatekisi akuyona lendawo amtholela lo msebenzi.
Uthe ngosuku lwesigameko wayelayishe isibalo eseqile sabantu abangama-20 kanti wayehamba ngesivinini esiphezulu.
“Ngesikhathi sengizofika kwelinye lamarobhothi ngabona izimoto zimile zihamba kancane ngenxa yokuthi kwakuphele inyanga kanti futhi kwakusayisekuseni.Ngemuva kwakume iloli nengathi uma ngabe ngisondela kulona ngithi ngibamba amabhuleki etekisi ngezwa ukuthi awasebenzi.
“Ngenxa yokuthi eduze kwami kwakukhona izinsimbi zomugwaqo ngazama ukuthi ngivike iloli elaliphambi kwami ngokuthi ngingene kulomgwaqo wezimoto engangiphambana nazo ngiyoma eceleni kodwa angibange ngisafika ngoba kwavele kwaqhamuka elinye iloli,” kubeka yena.
Uthe ngemuva kwaloku akasakhumbulu ukuthi kwenzekani ngoba wagcina iloli lishayisa ngalapho kuvulelwa khona abagibeli.
“Akukho okuningi engakubona.Ngibuhlungu ngokwenzeka kwakungasiyona inhloso yami kwakuyingozi ngiyaxolisa. Lento iyohleli iyisilonda empilweni yami yonke.Ngaso sonke isikhathi uma ngabe ngibona ingozi noma ikumabonakude kuvele kubuye konke okwenzeka.
“Seloku kwenzeka ingozi kade ngangifisa ukuthi ngihlangane nemindeni ukuze ngizokwazi ukuthi ngixolise.” kubeka yena.
Imindeni eyalahlekelwa nebeyihambele lolu hlelo ithe nakuba kusenzima ukubhekana nalesi simo esenzeka kodwa bayamxolela uMnu Gwala.
UMnu Collen Brown nowalahlekelwa udadewabo nomama wakhe kulengozi uthe izinto eziningi azihambanga kahle empilweni yakhe ngenxa yalengozi.
“Ngafeyila esikoleni ngoba ngihlukumezekile ngenxa yale ngozi. Angiphumelelanga empilweni ngenxa yalengozi ngoba umama wami uyena owayengenzela konke kodwa ngiyakuxolela mfowethu, ngiyakuxolela,” kusho yena echiphiza izinyembezi.
UThulisile Shangase owalahlekelwa umama wakhe naye uthe bengumndeni bayamuxolela uGwala. Eminye imindeni iveze ukuthi kade bamuxolela uGwala ngoba abantu abalahlekelwa izimpilo zabo kulengozi babengazwani namagqubu.
UKhomishana wezamajele eMgungundlovu uNkk Thembi Buthelezi uthe inhloso yalolu hlelo ukuthi kuhlumyeleliswe isimilo somenzi wokubi njengomuntu.Uthe kusuke kufunwa ukuthi umenzi wokubi akwazi ukuthi abhodle konke okusenhliziyweni yakhe.
“Lena inkundla evumela ukuthi izisulu kanye nomenzi wokubi zixoxisane ngokwenzeka.Kubalulekile ukuthi umphakathi wazi ngalolu hlelo ngoba ekugcineni lo muntu uma ngabe esephuma uzobuyela emphakathini,” kubeka yena.