UMPHAKATHI waku-ward 23 endaweni yase-Peaceville 2 usufunge wagomela wathi uzoqhubeka nombhikisho kuze kube kuhlangabezwana nezimfuno zawo.
La malunga omphakathi adinwe avala umgwaqo ongenela kulendawo ngamathayi avuthayo ngoMsombulo kanye nangoLwesibili ekhala ngokuthi ikhansela labo uMnu Dumisani Phungula wabathembisa izindlu ebekumele zakhiwe ngenyaka kaNtilikazi (July) kulonyaka. Aphinde ashise nenye yamafemu akuyo lendawo ngoLwesibili ngesikhathi kuqhubeka isiteleka.
Lo mphakathi uthi selokhu wathenjiswa izindlu kusuka ngonyaka ka-1994 ngesikhathi befika kule ndawo . Amakhansela aseshintshe aze aba-4 wonke ebathembisa ukuthi azobakhela izindlu kodwa lutho.
Elinye ilunga lo mphakathi ekhulume ne-Echo ngesikhathi ihambele le ndawo kodwa elingathandanga ukudalulwa igama lithe sebekhathele ukubanjiswa udonga bengumphakathi ekubeni bevota njalo uma kufanele bavote.
“Basithembisa ukuthi sizokwakhelwa izindlu zethu ngo-July kodwa naku manje azakhiwe futhi akekho osicaciselayo ukuthi kwenzakalani. Kunaloko sebeqalile bamba iziza endaweni yethu bathi bazokwakhela abantu baka-ward 19 izindlu ngoba ezabo zadilizwa ngesikhathi kwakhiwa umgwaqo. Labantu badilizelwe manje izindlu kodwa sebeyakhelwa ngokushesha ngobani? Kuthiwani ngathi ekade sahlupheka singenazo izindlu sihleli sithenjiswa ubala njalo.
Sikhathele manje ile khansela ngoba futhi alikho elisenzela kona siyahlupheka nje," kubeka ilunga.
Lo mphakathi uthi akekho umuntu owabazisa ukuthi kuzokwakhelwa abantu baka-ward 19 izindlu endaweni yabo.
Ngaphandle kwalezi zindlu lo mphakathi ukhala nangokuthi awunawo amanzi kanye nezindli zangasese. Bathi baphila ngamanzi alethwa iloli elithutha amanzi nalo elifika uma lithanda. Uma lingafikanga bathi baze baphoqeleke ukuba basebenzise amanzi angcolile abawakha emfuleni uMsunduzi. Bathe kumanje sekuphele amasonto amabili iloli elithwala amanzi lingafikanga.
Ikhansela lakule ndawo uMnu Phungula utshele i-Echo ukuthi uhlelo lwezindlu lwalo mphakathi lukhona kodwa basamatasa bafuna usonkontileka ozolubhekelela.
“Lolu hlelo olubizwa nge-Peaceville 2 Housing Project lwaphasiswa kudala ngonyaka wezi-2001 ngingakabi ngisho nayikhansela nami. Siyazi ukuthi uhulumeni awugijimi kakhulu kodwa manje sesimatasa sifuna usonkontileka esizohamba siyomethula emphakathini njengomuntu okunguyena ozokwakha izindlu. Imali yalolu hlelo ikhona kwisabelo mali sangalo nyaka kanti zizoqala ukwakhiwa uma nje sekutholwe usonkontileka kwenziwa zonke izinto ngendlela.
“Siyavuma umphakathi kumele uthukuthele ngenxa yalolu hlelo ngoba kade walinda. Njengoba sesiqalile nje ngalo sekuyiyona into esemqoka esiyibhekile ngoba sifuna isheshe ukuze abantu bezokwazi ukuthola bathole izindlu zokuhlala ezisezingeni,” kubeka uPhungula.
UMnuz Phungula uziphikile izinsolo zokuthi umphakathi awuzange waziswe ngokwakhiwa kwezindlu zamalunga omphakathi aka-ward 19.
“Ngaphambi kokuba kuqale uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zalaba abadilizelwa ngesikhathi kwakhiwa umgwaqo, sabiza umhlangano womphakathi nalapho sasizobazisa khona ngalolu hlelo. Umphakathi wawuphume ngobuningi bawo kantio futhi kwavunyelwana ngo-elethu ukuthi lolu hlelo aluqhubeke. Kusiphatha kabi ke ukuthi abantu bavimbe ukulethwa kwezidingo zabantu ngoba bethi babengekho emhlanganweni.
“Sihleli siwazisa njalo umphakathi ngezinto ezenzekayo wadinio yethu sihleli sibiza imihlangano kanti futhi sisazoqhubeka sikwenze loko.”
Uphinde wagxeka isenzo somphakathi ukuthi ugcine usushisa enye yamafemu kule ndawo ngoba uthi vele awabaqashi.
“Siyazi ukuthi umphakathi udiniwe kodwa asihambisani neze nokulinyazwa kanye nokushiswa kwempahla.Angeke size sikwazi ukuzibekezelela izimo ezifana nezokulinyazwa kwempahla ngoba abantu bethi bafuna izindlu.Abantu ababandakanyekayo ekushisweni kanye nasekulimazeni impahla sifuna babhekane nengalo yomthetho. Uma kungukuthi kukhona abanolwazi ngokushiswa kwempahla sicela beze phambili nolwazi babike nasemaphoyiseni."