Share

Uyavutha umndeni wowabulawa eSweetwaters

UMNDENI wowesilisa waseSweetwaters owabulawa ngosuku lwakhe lokuzalwa uthi awufuni ukuthi umsolwa adedelwe ngebheyili ngoba loko kuzofaka izimpilo zabo engcupheni .

Umsolwa uMnuz Wonder Mhlongo wakhona e-Sweetwaters ubevele enkantolo kaMantshi eMgungundlovu ngoLwesibili mhla zili-11 kuMandulo (September) nalapho kade kulindele ke khona ukuba afake isicelo sebheyili kodwa icala lakhe lahlehliselwa umhla zili-19 kuMandulo (September) ngemuva kokuba kushintshwe inkantolo azofaka kuyona isicelo sebheyili.

Umsolwa ubhekene necala lokudubula abulale uKhethukuthula Skhosana (26) wasendaweni yaKwaZayeka khona eSweetwaters.

USkhosana wadutshuylwa ngezintathakusa zosuku lwakhe lokuzalwa mhla zingama-25 kuNcwaba (August) esendleni eya ekhaya.

Kuthiwa umsolwa washaya uSkhosana ngempama noSkhosana wabe eseyabuyisela nokwagcina ngokuthi balwe. Kuthiwa ngemuva kokuba umsolwa ebona ukuthi useyahlulwa wavele wakhipha isibhamu wadubula uSkhosana nowatholwa abantu ababedlula babe sebemphuthumisa esibhedlela i-Edendale nokuyilapho afike ashonela khona.

Amalunga omndeni kaSkhosana akade esenkantolo akhulume ne-Echo athe kuze kube imanje izinhliziyo zabo zisavuza igazi ngokubulawa kwelunga lawo . Athe awafuni umsolwa adedelwe ngebheyili ngoba loko kuzobeka izimpilo zabo kanye nezofakazi engcupheni.

UMnuz Samson Sikhosana nongubhuti kamufi uthe kumanje akazi nokuthi athini ngenxa yobuhlungu abuzwayo ngaphakathi. Uthe bafuna ukuthi umthetho udlale indawo yawo.

“UKhethukuthula ubeyithemba lethu emndenini kodwa manje naku sebembulele. Uma umthetho ungadedela umsolwa ngebheyili kuyobe kuyafana nokuthi usilahlile thina ngoba phela ilunga lethu labulawa.

Umsolwa sifuna abhadle ejele ngalobuhlungu asizwisa bona.

“Lo muntu uyaziwa vele ukuthi ungumuntu ohluphayo ungeneaephuma ejele ngamacala ahlukene okubalwa kuwona nawokubulala khona endaweni kodwa uhleli ekhishwa ngebheyili njalo. Amaphoyisa kwawathatha isonto ukuze bambophe nathi sawayeka ukuba aqhubeke enze umsebenzi wawo ngoba siwethemba. Uma ngabe esezokhishwa futhi abuyiselwe emphakathi loko kungagcina sekusiphoqa ukuba sizithathele umthetho ngezandla ngoba angeke size sikwazi ukuqhubeka siphile nomuntu onje endaweni. Izinhliziyo zethu zigaya izibozi singenza noma yini ukuziphindiselela,” kubeka yena.

Amalunga omphakathi nawo abephume ngobuningi bawo ukuzokwethamela leli cala.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1134 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1213 votes
Vote
Rand - Dollar
19.17
+0.2%
Rand - Pound
23.96
-0.0%
Rand - Euro
20.54
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.49
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
917.00
+0.5%
Palladium
1,006.00
+0.1%
Gold
2,320.94
+0.2%
Silver
27.27
+0.4%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,840
+0.4%
All Share
74,736
+0.3%
Resource 10
61,957
+2.5%
Industrial 25
103,558
-0.4%
Financial 15
15,851
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE