ZIKHETHIWE izintokazi eziyi-12 ezizolwela isicoco sikazime ozobe uhlelwe okokuqala ngqa kulo nyaka i-Face of Msunduzi.
Kukhethwe izintokazi ezili-12 umkhakha ngamunye njengoba lozime unomkhakha wabadala, ama-teenagers nezingane.
Bonke laba abahlungiwe babe sebevakashela ikhaya lezintandane i-SOS Orphanage Home e-Grange njengengxenye yokusiza umphakathi ikakhulukazi njengoba kuyinyanga kaMandela. Lo mncintiswano ohlelwe Intsha Yomzansi uzoba ngomhla ka-4 kuNtulikazi (July) e-Project Gateway e-Old Prison kusukela ngo-10 ekuseni.
Amathikithi okungena kulo mcimbi u-R80 kanti emnyango u-R100.