Johannesburg – Abanye abafundi basenyuvesi bashiye ukufunda ekuseni bayogcwala eNkantolo kaMantshi eRandburg beyokweseka uMduduzi Manana obhekene namacala okushaya.
UManana, owayeyiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, ubezovela enkantolo ekuseni ngoLwesithathu ngezinsolo zokushaya abesifazane ababili endaweni yobumnandi ngenyanga edlule.
Iqeqebana labafundi ebebegqoke izikibha ezikhombisa ukweseka kwabo uManana bathi ufanelwe ukuthola ithuba lesibili.
OLUNYE UDABA: Bangu-9 ababoshelwe ukushisa isikole
Bathi bazocela inkantolo ukuba uManana angagqunywa ejele uma esegwetshwa, kodwa alengiselwe isigwebo sakhe.
Ngakolunye uhlangothi, abafundi abangaphansi kwenhlangano yeDemocratic Alliance [DASO] nabo bebekhona kodwa bezofuna ukuba inkantolo imjezise uManana ngesenzo sakhe.
UManana wadedelwa ngebheyili ka-R5 000, wabe esehla esikhundleni sakhe ngemuva kokufakwe ingcindezi.
- The Star