Durban - AmaZulu asesayine isivumelwano nenkampani ekhiqiza izimpahla zezemidlalo, i-Umbro.
USuthu aluzange ludalule ukuthi isivumelwano ngeseminyaka emingaki, kodwa sizoqala ukusebenza ekuqaleni kwesizini ka-2018/19.
ULunga Sokhela, oyimenenja jikelele yekilabhu, uzwakalisa ukujabula ngalobu budlelwane.
“Yisivumelwane esijabulisayo kithina ngoba ikilabhu yethu izoba nemikhiqizo yekhwalithi ngesizini ezayo,” ucashunwe esho kanje kwi-website yeqembu.
OLUNYE UDABA: Ubonge bonke abamfakela ingcindezi uKomphela, 'evalelisa'
“Okuphinde kube yizindaba ezimnandi ukuthi sisebenzisana nenkampani ethenjwayo eyaziwa ngemikhiqizo emihle kakhulu futhi ngiyakholelwa ukuthi abalandeli bethu bazozithanda izimpahla zethu esezitolo. Sikulangazelele ukuveza ijezi elisha kungekudala.”
Umqondisi we-Umbro South Africa uDonovan Bell uthe kuyasijabulisa ukuthi AmaZulu azogqoka izimpahla zabo ekuqaleni kwesizini ka-2018/19.