Cape Town – Amanani okugibela amatekisi angase enyuke phakathi kuka-R1 no-R5 ngohambo, kuya ngokwehluka kwezindawo, lokhu kulandela ukwenyuka kwamanani kaphethiloli ngo-67c ilitha, kuxwayisa iSantaco ngeSonto.
Imboni yamatekisi izozama ngakho konke okusemmandleni ukuba lokhu kungazweli kakhulu kubagibeli, kusho okhulumela iSouth African National Taxi Council (Santaco) uThabisho Molelekwa etshela iNews24.
OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uthi wayengazi ukuthi baqamba amanga abakwa-Eskom
“Sonke siyazi ukuthi umnotho awenze kahle nokuyinto efakela ingcindezi abanikazi bamatekisi. Abanikazi bamatekisi kudingeka babhekane nokwenyuka kwamanani kaphethiloli, yizindleko zokulungisa izimoto, yizitolomende zamatekisi baphinde baqinisekise ukuthi amanani okugibela awambi eqolo,” kusho uMolelekwa.
“Ngicabanga ukuthi singaziqhenya ngokuthi imboni ikwazile ukudlula ezikhathini ezinzima ngokwedlule, futhi sinethemba lokuthi sizokwazi ukudlula nakulokhu.”