Share

Angisoze ngaphuza emsebenzini, kusho umqeqeshi

Johannesburg - Limfiliba ikusasa likamqeqeshi weBaroka FC, uKgoloko Thobejane, kulandela ukumiswa emsebenzini ngesonto eledlule ngezinsolo zokuphuza utshwala nabadlali kanye namanye amalungu ethimba labaqeqeshi.

Lesi sigameko kusolakala ukuthi senzeka ebhasini lekilabhu sebebuyela ekhaya ePolokwane kulandela umdlalo abahlulwa kuwo ngo-2-0 yiFree State Stars kowe-Absa Premiership, eGoble Park, emasontweni amabili edlule.

ISunSport ipotshozelwe ukuthi abanye abamisiwe kulendela lezi zinsolo ngunozinti wekilabhu u-Oscarine Masuluke nokaputeni u-Olaleng Shaku, kanye neKit Manager uDelbert Lekoana nesekela likamlolongi wonozinti uTshegofatso Machene.

OLUNYE UDABA: IBaroka FC imise umqeqeshi

Yize uThobejane ekuqinisekisile ukumiswa kwakhe, uphikile ukuthi waphuza utshwala esemsebenzini. "Yebo, ngimisiwe emsebenzini futhi angazi ukuthi yini imbangela yalokho," esho.

"Ngizwile nje ukuthi kuthiwa sasiphuza, kepha lokho kakusilo iqiniso. Umsebenzi wami ngiyawuhlonipha ngakho angisoze ngawuxuba notshwala."

UThobejane uveze ukuthi abaphathi bakhe yibo abasaziyo isizathu sokumiswa kwakhe.

"Abantu abangakutshela into eqondile mayelana nokumiswa kwami ngabaphathi bami. Angazi nokuthi icala lami lizolalelwa nini. Nami ngisalinde ukutshelwa yibo abaphathi bami."

Uqinisekisile ukuthi uzobe engekho ebhentshini uma iBaroka isithathana nePlatinum Stars koweNedbank Cup Last 32 eRoyal Bafokeng Stadium ngoLwesithathu.

Isikhulu esiphezulu sale kilabhu, uMorgan Mammila, asitholakalanga ukuphawula.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 463 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE