Johannesburg - Asehlanga kahle ezimakethe isimemezelo se-African National Congress (ANC) sokuthi ayimbekelanga umnqamulajuqu uMengameli Jacob Zuma ngokuphendula ngesinqumo sokuba ehle esikhundleni.
Ngemuva kokuba kwenziwe isimemezelo ngoLwesibili ntambama, irandi liphelelwe ngamandla uma liqhathaniswa nedola laseMelika.
Ngo-15:10 irandi beselihweba ngo-R11.97 uma liqhathaniswa nedola laseMelika kanti belingu-R11.88 ngaphambi kwesimemezelo.
Ngesikhathi semibuzo esithangamini sabezindaba, uNobhala Jikelele u-Ace Magashule utshele izintatheli ukuthi umengameli we-ANC uCyril Ramaphosa nguyena ozokwethula inkulumo ebhekiswe esizweni.
OLUNYE UDABA: Lehlile izinga labangasebenzi kuleli
UZuma ungaphansi kwengcindezi yokuba ehle esikhundleni kulandela ukukhethwa kukaRamaphosa kwesokuba umengameli we-ANC ngoDisemba.
UMagashule uthe uZuma akakhishwa esikhundleni ngoba nakhu enamacala, ayikho inkantolo esike yamlahla ngecala.
Uphinde wathi nakuba bengambekelanga umnqamulajuqu wokuba aphendule, balindele ukuba nakanjani aphendule ngoLwesithathu uZuma.