Johannesburg - Ujaji Segopotje Mphahlele ubanqabele ibheyili abalisa ababili abalahlwa yicala ngokufaka umuntu ebhokisini lomngcwabo ephila.
UTheo Jackson noWillem Oosthuizen babuyele eNkantolo kaMantshi eMiddelburg namhlanje ekuseni ngemizamo yokudlulisela icala labo eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala befuna ukuphikisa nesigwebo abasithola.
UTheo Jackson noWillem Oosthuizen balahlwa yicala lokushaya, ukuzama ukubulala, ukuthumba kanye nokwesabisa ngo-Agasti 25 nonyaka.
OLUNYE UDABA: Ukhala ngenyanga-mthandazi usomabhizinisi
Phambilini, uJaji Shiela Mphahlele wathi laba basolwa abakhombisanga ukuzisola ngokwanele ngesikhathi kuthethwa icala.
Wagweba u-Oosthuizen iminyaka engu-16 ebhadla ejele kodwa wamlengisela iminyaka emihlanu, nokusho ukuthi uzohlala ejele iminyaka engu-11.
Umngani wakhe, uJackson, wagwetshwa iminyaka engu-19 ebhadla ejele kodwa walengiselwa iminyaka emihlanu naye, nokusho ukuthi uzohlala ejele iminyaka engu-14.