Share

Basahleli ekhaya abafundi abaxoshelwe ukuluka esikoleni

Durban - Basahleli emakhaya emakhaya abafundi ababili bebanga 11 abafunda eSukuma Secondary school ePietermaritzburg.

Laba bafundi baxoshwa esikoleni ngoLwesibili ngoba beluke umluko obheke emuva besebenzisa ama-extention.

Laba fundi esiwagodlile amagama abo bathi baxoshwe omunye wothisha kulesi sikole othe abahambe baye esangweni bayoqaqwa okanye bahambe bayohlala emakhaya bangabuyeli esikoleni besalukile.

Omunye wabafundi okhulume ne-Edendale Eyethu uthe okubaxakayo ukuthi bekungakona okokuqala beluka kanje futhi kwakungakaze kushiwo lutho ngokuluka esikoleni.

“Sihleli siluka kanje kungashiwo lutho ngoba futhi kuhlanzekile kuyakhombisa ukuthi okumfundi. Okusixaka kakhulu futhi ukuthi abanye abaxoshwanga kuxoshwe  thina kuphela bona bayekelweni? Nangaphambi kokuba kuvalwe izikole uthishanhloko wayebabona mihla namalanga abantu abaluke kanje kodwa angasho lutho,” kubeka yena.

Laba fundi bathe abanaso isiqiniseko sesibalo sabafundi abaxoshiwe kodwa bathi abakwaziyo ukuthi akusibona bonke abaluke njengabo abaxoshiwe  abanye bayekiwe.

OLUNYE UDABA:Usekubhaceni ophoqwa wothisha ukuba agunde izinwele

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMuzi Mahlambi uthe bazolubhekisisa lolu daba  ukuthi kwenzekeni yini ebe ngumsuka wokuthi kuze kuxoshwe labafundi.

“Sizolubhekisisa lolu daba sibone ukuthi bona labafundi bayilandelile yini imiyalelo okanye imithetho yesikole . Sizobheka ukuthi uma kungukuthi labafundi bayilandelile  imithetho yesikole uthishanhloko ubebasuka ngalaphi ukuthi aze abaxoshe,” kubeka uMahlambi.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 872 votes
No! It's time to move on ...
33% - 427 votes
Vote
Rand - Dollar
18.85
+0.9%
Rand - Pound
23.59
+0.9%
Rand - Euro
20.20
+1.0%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.7%
Platinum
928.90
+0.4%
Palladium
979.00
-1.2%
Gold
2,342.94
+0.5%
Silver
27.54
+0.4%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,240
+1.2%
All Share
75,189
+1.2%
Resource 10
63,032
+1.5%
Industrial 25
103,610
+1.1%
Financial 15
15,975
+1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE