Cape Town - Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe abantu besifazane abathathu ngamacala okuqamba amanga kulandela izinsolo zokuvula icala elingekho lokuthunjwa.
Abasolwa batshela amaphoyisa ukuthi bathunjiwe baphinde bathola isibhaxu eWells Estate, ngeSonto.
Owamaphoyisa u-Andre Beetge uthe ngesikhathi abasolwa bexhumana namaphoyisa bawatshela ukuthi umfana, 10, usagcinwe ngabathumbi.
OLUNYE UDABA:Uyazisola obophise uyise 'ngamanga'
UBeetge uthe ngemuva kokubaphosa imibuzo la basolwa kutholakale ukuthi lolu wudaba oluphekiwe.
"Kwavulwa icala lokuthumba, amaphoyisa achitha ubusuku bonke efunana nengane. Ngemuva kwemininingwane, kwaphuma indiza enophephela emhlane kanjalo namaphoyisa ahogela umkhondo esebenzisa izinja, kwatholakala ukuthi lonke lolu daba lungamampunge."
- EWN