Cape Town - Babili abasolwa abavele phambi kweMantshi yase-Uniondale ngoLwesihlanu ngamacala okushushumbisa izidakamizwa.
Laba basolwa batholakala nensangu engu-825kg emotweni abebehamba ngayo.
UBooysen Sibeko, 51, noMelikhaya Gladmore Mkokeli, 57, baboshwa ngoLwesithathu ngesikhathi bebanjwa wuphiko loKlebe namasaka angu-23 ensangu, kusho uKaputeni Lloyd Ramovha etshela abeNews24.
URamovha uthi ukusebenza ngokubambisana kwethimba eliphenya amacala abucayi, yithimba lase-Oudtshoorn eliphenya ubugebengu obuhleliwe kanye namaphoyisa akule ndawo kusize kakhulu ekilandeleni umkhondo walaba ngesikhathi kubonakala iveni esolisayo idonswa ngenye imoto.
OLUNYE UDABA:Iphethe kabi ingxabano yomndeni kuphuma ezidumbu, kwaNobamba
Kuthiwa lensangu ingeyenani lika-R1.1 million uma idayiswa.
Laba basolwa bavinjezelwe ngasekhoneni lika-Uniondale no-Joubertina, kanti kuthiwa bobabili laba basolwa bangabasePort Elizabeth..
Icala labo lihlehliselwe uMsombuluko lapho bezofaka khona isicelo sebheyili.
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.