Bayameseka abazali umfundi obonakala kwi-video eshaya uthisha

Johannesburg - Abazali bomfundi owenza u-Grade 10 esikoleni esiseGauteng obonakala kwi-video eshaya uthisha ngencwadi yesikole bakholwa wukuthi wasukelwa.

I-video yesigameko esenzeke esikoleni iThree Rivers Secondary, eVereeniging, isabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu.

Le video itshengisa umfundi othukuthele esukuma esihlalweni sakhe eyoshaya uthisha ngencwadi emhlane.

Lo thisha ube esebonakala engathi uyophuma ngomnyango abanye abafundi ekilasi beqhuma yinsini.

OLUNYE UDABA:VIDEO: Uqondiswa izigwegwe umfundi oshaye uthisha ngencwadi ekilasini

Izolo (ngoMsombuluko), uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi, uthe abazali balo mfundi bebephikelela ekutheni ingane yabo nayo iyisisulu kulolu daba, kodwa bebevuma ukuthi yonile.

"Abazali bakholelwa ekutheni indodakazi yabo isukelwe futhi ayiphathwanga kahle.

"Bavumile nokuthi umfundi ubesephutheni ngendlela aziphathe ngayo. Sibona ukuthi lo mfundi udinga usizo kanti nabazali balwamukele usizo," esho.

ULesufi uvakashele kulesi sikole eyothola ukuthi kuqhubekani. Uthe lo mfundi uzomiswa esikoleni kuze kuphothulwe inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe.

 -SowetanLive