Usuqalile umngwabo kaSandile "Chillies" Bengu elokishini laseMlazi eThekwini kanti kutshalwe inqwaba yamaphoyisa aqaphe isimo.
Amaphoyisa azoqinisa ezokuphepha kule ndawo ukuqinisekisa ukuthi abekho abaphula umthetho nabenza okuphuma endleleni.
UChillies,37, obehlala eMlazi kwa-F, ushonele esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngemuva kokudutshulwa ngamaphoyisa ngoLwesithathu ebusuku esigcemeni sakwa-B kulo leli lokishi.
Lo mlisa waphuthuyinswa ngabangani bakhe esibhedlela nokwavela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi waduthshulwa engahlomile.
OLUNYE UDABA:'Kuzokwebiwa' izimoto kuvaleliswa isigebengu esibulawe ngamaphoyisa
Omunye wabasondelene naye ocele ukuba igama lakhe ligodlwe uveze ukuthi uBhengu ubanjwe ngamaphoyisa ezama ukukhipha i-tracker emotweni ebiyebiwe.
“Kunamajita amabili acele ukuthi awakhiphele i-tracker emotweni entshontshiwe. Kuqhamuke amaphoyisa uChillies esematasa, adubula ebhekise kuye. Kuthiwa bamdubule esephakamise izandla, ezinikela.
Ngemuva kokumdubula ahlale naye isikhathi eside esanyakaza elinde i-ambulensi. Kuze kwafika abangani bakhe bamthatha ngenkani ekakwe ngamaphoyisa, bamphuthumisa esibhedlela. Ufike washonela esibhedlela,” kusho umthombo.
<p>Strong @SAPoliceService presence in UMlazi while Chillies funeral service is underway in M section Community Hall.@SundayTribuneSA pic.twitter.com/UdXtBQWlsJ
— Sboniso Mngadi™ (@sbonisomngadi) September 9, 2017
Umlazi buzzn ryt nw its gon be a weekend of all weekends."Umlazi" #Chillies #SandtonStepsUp #leaderex2017 #ZumaConCourt #recession pic.twitter.com/xNEVZoAXmH
— Qili (@vuusiee) September 5, 2017
Yesterday after Chillies Memoral Service Umlazi J section pic.twitter.com/7Kyu552kBh
— Sizwe.M (@Mnyuza) September 7, 2017