Johannesburg - Bahlabeke umxhwele abantu bezwa ingane yomfana eneminyaka engu-10 ubudala ikhuluma izilimi ezinhlanu.
Kuzungeza i-video ezinkundleni zokuxhumana, iTwitter, etshengisa le ngane yomfana iphendula imibuzo ngezilimi ezahlukene, iphinde ixoxa nangodaba olubuhlungu lwababa wayo.
Lo mfana ukhuluma iSixhosa, isiBhunu(Afrikaans), IsiNgisi(English), i-Portuguese nesiShona, yize ethi akakwazi kahle ukukhuluma isiPortuguese.
OLUNYE UDABA:VIDEO: Lihlaba umxhwele iphoyisa elicula eyokholo
Lo mfana uthe ufisa ukuba wummeli uma esekhulile.
Le ngane ilandisa ngobaba wayo, ithe ushadelwe futhi usehlala eCongo. Nakuba engafuni ukubuya kuleli ezoyibona eJoe Slovo, ithe yona izosuka la iyomubona uma isiqede isikole.
"Angimusoli, mhlawumbe uhlwempu la ehlezi khona, nginayo inombolo yakhe yocingo," kusho lo mfana.
IVIDEO:
This 10 year old speaks 5 languages- learning more pic.twitter.com/GtxB8iXn9e
— African (@ali_naka) February 17, 2017
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter