Share

BUKA: Kusuke umsindo ilungu lePhalamende lithi awaqondiswe izigwegwe ngokushaywa amakhosikazi

Kampala – Ilungu lePhalamende e-Uganda kubikwa ukuthi lizifake obishini ngemuva kokuba lithe amadoda kumele ashaye amakhosikazi awo njengendlela yokuwaqondisa izigwegwe.

Ilungu lePhalamende, u-Onesimus Twinamasiko, uvele kwi-NTV Uganda ethi: "Njengendoda, kumele umqondise izigwegwe umkakho. Kumele umthinte kancane, umshaye, umbuyise endleleni".

UTwinamasiko ukusho lokhu kulandela amazwi kaMengameli Yoweri Museveni, othe amadoda ashaya abesifazane angamagwala, kumele abhekane nengalo yomthetho.

Owesifazane ongaphezu koyedwa kwabahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-49 ubudala bayahlukunyezwa emakhaya ngokushaywa noma ngokocansi e-Uganda, ngokombiko kahulumeni oshicilelwe ngo-2017, kubika iNew Zimbabwe.com.

OLUNYE UDABA: Kushone 38 wabantu ibhasi liphoseka eweni

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bezwakalise ukudinwa ngamazwi kaTwinamasiko, njengoba abanye bethi kumele axolise kulabo abayizisulu zokuhlukunyezwa emakhaya.

Kodwa ngokusho kombiko we-BBC, uTwinamasiko uwavikelile amazwi akhe, wathi umkakhe useke wamshaya naye ngempama.

Uthe nokho akasho ukuthi kumele owesifazane ashaywe alinyazwe noma abulawe, kodwa kumele athole impama nje kuphela.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 532 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 750 votes
Vote
Rand - Dollar
18.90
+0.2%
Rand - Pound
23.86
+0.2%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE