Cape Town – Abashayeli bazoke bathole ukuphefumula ngoMashi njengoba izokwehla ngo-36 cents ilitha intengo kaphethiloli, kusho uMnyango wezaMandla ngoLwesihlanu.
Lokhu kwehla kukaphethiloli kuzoqala ngomhlaka-7 Mashi. Ezinye zezizathu ezidalulwe wuMnyango mayelana nokwehla kukaphethiloli kube ngamanani aphansi kawoyela emhlabeni.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ehle amanani kaphethiloli ngezayo
Ukuqina kwerandi nakho kube nomthelela ukuxegisweni kwamanani, njengoba irandi phakathi kukaFebhuwari 2 noMashi 1 belihweba ngo-R11.82 uma liqhathaniswa ne-dollar laseMelika, uma kuqhathaniswa no-R12.20 wangenyanga eyedlule.
Lokhu kuqina kwerandi kuholele ekutheni ehle amanani kawoyela emhlabeni.
Udizili wona uzokwehla ngo-47 cents ilitha, kuthi uphalafini wehle ngo-30 cents ilitha. Abathengi bazokonga u-69 cents ngekhilo ngalinye uma begcwalisa igesi.
I-AA ibike yaqagula ukuthi uzokwehla uphethiloli, yathi imbangela yalokhu ukuqina kwamandla erandi kanye nokwehla kwamanani kawoyela emhlabeni.
Selokhu kuqale uFebhuwari, irandi liqinile kanti kumanje lihweba ngaphansi kuka-R12 uma liqhathaniswa nedola laseMelika.