Share

Ezimnandi kubashayeli njengoba kuzokwehla intengo kaphethiloli

Cape Town – Abashayeli bazoke bathole ukuphefumula ngoMashi njengoba izokwehla ngo-36 cents ilitha intengo kaphethiloli, kusho uMnyango wezaMandla ngoLwesihlanu.

Lokhu kwehla kukaphethiloli kuzoqala ngomhlaka-7 Mashi. Ezinye zezizathu ezidalulwe wuMnyango mayelana nokwehla kukaphethiloli kube ngamanani aphansi kawoyela emhlabeni.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ehle amanani kaphethiloli ngezayo

Ukuqina kwerandi nakho kube nomthelela ukuxegisweni kwamanani, njengoba irandi phakathi kukaFebhuwari 2 noMashi 1 belihweba ngo-R11.82 uma liqhathaniswa ne-dollar laseMelika, uma kuqhathaniswa no-R12.20 wangenyanga eyedlule.

Lokhu kuqina kwerandi kuholele ekutheni ehle amanani kawoyela emhlabeni.

Udizili wona uzokwehla ngo-47 cents ilitha, kuthi uphalafini wehle ngo-30 cents ilitha. Abathengi bazokonga u-69 cents ngekhilo ngalinye uma begcwalisa igesi.

I-AA ibike yaqagula ukuthi uzokwehla uphethiloli, yathi imbangela yalokhu ukuqina kwamandla erandi kanye nokwehla kwamanani kawoyela emhlabeni.

Selokhu kuqale uFebhuwari, irandi liqinile kanti kumanje lihweba ngaphansi kuka-R12 uma liqhathaniswa nedola laseMelika.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
61% - 94 votes
No! It's time to move on ...
39% - 60 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
+1.0%
Rand - Pound
23.81
+0.6%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.41
+0.6%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
917.40
+0.6%
Palladium
1,008.50
+0.4%
Gold
2,325.13
+0.4%
Silver
27.38
+0.8%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,557
-0.0%
All Share
74,509
-0.0%
Resource 10
61,492
+1.7%
Industrial 25
103,035
-0.9%
Financial 15
15,891
+0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE