Wehlile esikhundleni uMengameli Zuma

Durban – Wehlile esikhundleni uMengameli Jacob Zuma kulandela ukumemezela lezi zindaba kumabonakude ngoLwesine ebusuku.

UZuma uke wakhuluma emini ngoLwesithathu wathi kuyaxaka ukuthi kube khona abantu abafuna ehle esikhundleni kepha bayehluleka ukumnikeza izizathu zokuthi kungani kumele aphume esikhundleni.

UZuma uthe uzizwe ehloniphekile ngokusebenzela izwe wathi futhi ubesebenza ngokuzinikela engalindele mihlomulo.

UCyril Ramaphosa nguye obambe esikamengameli.