Share

Ezinye zezigemegeme ezingamahlazo ezibandakanya uZuma

Johannesburg - Isuka kude impi kaMengameli Jacob Zuma yokubambelela emandleni yize i-African National Congress isimnxuse ukuba ashenxe esikhundleni.

Nazi ezinye izigemegeme ezingamahlazo ezinhlanu:

Amacala okudlwengula ne-HIV

Ngaphambi kokuba athathe amandla oMbuso, uZuma wabekwa icala lokudlwengula wahamba icala lokudlwengula ngo-2006. UZuma wathi wazibandakanya ocansini nowesifazane owayesondelene nomndeni wakhe, bevumelene. Waphuma phambili ecaleni.

UZuma wayeyiNhloko yeSouth African National AIDS Council ngaleso sikhathi, kanti watshela inkantolo ukuthi wathatha i-shower ngemuva kokwenza ucansi nalo wesifazane owayene-HIV.

Izindleko zaseNkandla

IHhovisi likaMvikeli woMphakathi ngo-2014 lathola ukuthi uZuma wahlomula ngokungemthetho ngesikhathi kulungiswa ezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.

Lo msebenzi wadla imali yabakhokhi bentela engango-R246 million.

I-Guptagate

Kwathi kusabhekwe udaba lwaseNkandla, kwavela omunye umkhonyovu owaziwa ngeGuptagate.

Kulokhu kwasolwa uMengameli ngokuba nobudlelwano obuhambisana nenkohlakalo nomndeni oyizicebi wakwaGupta.

Izindaba zokuthi lo mndeni unesandla ekuthathweni kwezinqumo kuhulumeni zavela ngo-2016 ngesikhathi kuvela ubufakazi bokuthi lo mndeni yiwo "owawuqoka ongqongqoshe" ngendlela yokuthi bakwazi ukusiza ekutheni kuhlomule amabhizinisi abo.

I-Arms deal

Ngo-Okthoba 2017, ngemuva komkhankaso we-DA, iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala yakhipha isinqumo esithi uZuma kumele abekwe amacala enkohlakalo amayelana nesivumelwano sezikhali esasayinwa ngo-1999.

Lezi zinsolo zimayelana nesivumelwano sezigidi zamarandi esasayinwa ngo-1999, ngesikhathi uZuma eseyisekela likamengameli.

Kusolakala ukuthi wayefumbathiswa yizinkampani zaphesheya ezikhiqiza izikhali.

U-Omar al-Bashir

NgoMashi 2016 iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala yanquma ukuthi ukwehluleka kukahulumeni kaZuma ukubopha uMengameli waseSudan u-Omar al-Bashir, kwakungekho emthethweni.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1151 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1226 votes
Vote
Rand - Dollar
19.14
+0.4%
Rand - Pound
23.95
+0.0%
Rand - Euro
20.52
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.48
+0.0%
Rand - Yen
0.12
+0.5%
Platinum
917.00
+0.5%
Palladium
1,009.00
+0.4%
Gold
2,322.80
+0.3%
Silver
27.37
+0.8%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,706
+0.2%
All Share
74,622
+0.1%
Resource 10
61,839
+2.3%
Industrial 25
103,305
-0.7%
Financial 15
15,837
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE