Johannesburg - Isuka kude impi kaMengameli Jacob Zuma yokubambelela emandleni yize i-African National Congress isimnxuse ukuba ashenxe esikhundleni.
Nazi ezinye izigemegeme ezingamahlazo ezinhlanu:
Amacala okudlwengula ne-HIV
Ngaphambi kokuba athathe amandla oMbuso, uZuma wabekwa icala lokudlwengula wahamba icala lokudlwengula ngo-2006. UZuma wathi wazibandakanya ocansini nowesifazane owayesondelene nomndeni wakhe, bevumelene. Waphuma phambili ecaleni.
UZuma wayeyiNhloko yeSouth African National AIDS Council ngaleso sikhathi, kanti watshela inkantolo ukuthi wathatha i-shower ngemuva kokwenza ucansi nalo wesifazane owayene-HIV.
Izindleko zaseNkandla
IHhovisi likaMvikeli woMphakathi ngo-2014 lathola ukuthi uZuma wahlomula ngokungemthetho ngesikhathi kulungiswa ezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.
Lo msebenzi wadla imali yabakhokhi bentela engango-R246 million.
I-Guptagate
Kwathi kusabhekwe udaba lwaseNkandla, kwavela omunye umkhonyovu owaziwa ngeGuptagate.
Kulokhu kwasolwa uMengameli ngokuba nobudlelwano obuhambisana nenkohlakalo nomndeni oyizicebi wakwaGupta.
Izindaba zokuthi lo mndeni unesandla ekuthathweni kwezinqumo kuhulumeni zavela ngo-2016 ngesikhathi kuvela ubufakazi bokuthi lo mndeni yiwo "owawuqoka ongqongqoshe" ngendlela yokuthi bakwazi ukusiza ekutheni kuhlomule amabhizinisi abo.
I-Arms deal
Ngo-Okthoba 2017, ngemuva komkhankaso we-DA, iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala yakhipha isinqumo esithi uZuma kumele abekwe amacala enkohlakalo amayelana nesivumelwano sezikhali esasayinwa ngo-1999.
Lezi zinsolo zimayelana nesivumelwano sezigidi zamarandi esasayinwa ngo-1999, ngesikhathi uZuma eseyisekela likamengameli.
Kusolakala ukuthi wayefumbathiswa yizinkampani zaphesheya ezikhiqiza izikhali.
U-Omar al-Bashir
NgoMashi 2016 iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala yanquma ukuthi ukwehluleka kukahulumeni kaZuma ukubopha uMengameli waseSudan u-Omar al-Bashir, kwakungekho emthethweni.