Share

I-Ajax ifuna ukuwuletha eThekwini umdlalo wayo neChiefs

Cape Town – I-CEO ye-Ajax Cape Town, u-Ari Efstathiou, ihlalele ethembeni lokuthi iPSL izoyivumela ukuthi ithathe umdlalo wayo neKaizer Chiefs iwusiyise eThekwini.

Ama-Urban Warriors angeke akwazi ukudlala umdlalo wawo eCape Town Stadium njengoba le nkundla izosetshenziselwa ukusingatha umcimbi womculo.

Ngenxa yalokhu, kube sekuvela imibiko ethi lo mdlalo ohlelelwe umhlaka-25 kuFebhuwari usuzodlalelwa e-Athlone Stadium, nokuyinkundla eseKapa.

OLUNYE  UDABA: Kuzomele siqhubeke nokuzithoba kulandela ukuwina - Tshabalala

Kodwa-ke njengoba kulindeleke isibalo esiphezulu sabalandeli, u-Efstathiou uthi ukuphepha kungase kube yinkinga e-Athlone Stadium.

Uthi njengoba neNewlands Rugby Stadium nayo izobe imatasa, ukuthuthela lo mdlalo ngaphandle kweKapa iyona kuphela indlela ekhona.

“Sizamile ukuxhumana nabezimo zezinhlekelele kanye namaphoyisa ngoLwesibili futhi bakuqinisekisa ukuthi angeke bawuvumele umdlalo ukuthi ube lapho (e-Athlone),” kuqhuba u-Efstathiou esithangamini sabezindaba ngoLwesine.

Lo mphathi we-Ajax uthi konke sekuku-PSL njengoba sebevele sebeyibhukhile inkundla iMoses Mabhida Stadium ngosuku lwangomhlaka-25 kuFebhuwari. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1098 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1177 votes
Vote
Rand - Dollar
19.19
+0.1%
Rand - Pound
23.97
-0.1%
Rand - Euro
20.57
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.50
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
912.90
+0.1%
Palladium
1,004.00
-0.1%
Gold
2,318.11
+0.1%
Silver
27.17
+0.0%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,574
0.0%
All Share
74,514
0.0%
Resource 10
60,444
0.0%
Industrial 25
104,013
0.0%
Financial 15
15,837
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE