Share

I-ANC eKZN ithi ayiyidingi imvume ye-NEC ukuphikisa isinqumo

Durban – Ubuholi obuphezulu be-ANC KwaZulu-Natal sebugadle kwiNational Executive Committee bathi lesi sigungu esiphezulu asinazwi esinqumweni sabo sokuphikisa isinqumo senkantolo.

Lokhu kulandela ukuthi iNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal ngoLwesibili iveze ukuthi ubuholi be-ANC obukhona manje esifundazweni bakhethwa ngokungemthetjo.

“Asazi ukuthi kungani i-NEC iphawula ngalolu daba ngoba emaphepheni asenkantolo kucacile ukuthi abamangali yibo abaphikisa isicelo, hhayi i-NEC," kusho uSihlalo we-ANC Youth League esifundazweni uKwazi Mshengu ngoLwesithathu.

UMshengu ubephendula lowo okhulumela i-ANC kuzwelonke, uZizi Kodwa, othe isinqumo sokudluliswa kwesinqumo senkantolo sizothathwa wubuholi bukazwelonke kuKhongolose.

UKodwa uthe ngaleso sikhathi, isigungu esiphezulu e-KZN kumele "sinikeze ubuholi bukazwelonke isikhathi sokubhekana nalolu daba" ngokubambisana nekomidi likazwelonke.

"Abameli bethu basacubungula isinqumo senkantolo. Kuwumsebenzi wethu ukubhekana nezinkinga ezikhona, kepha besingakahlangani nobuholi besifundazwe," kusho uKodwa.

UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe naye uthe i-NEC kumele kube yiyo ethatha isinqumo.

UMshengu uthe isifundazwe kanye ne-PEC abazami ukudelela i-NEC.

"Ngokubona kwethu i-NEC kwakumele ibe yingxenye yalolu daba kusukela ekuqaleni. Kungani basiyekelela bese beqhamuka ekugcineni?"

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 513 votes
No! It's time to move on ...
35% - 271 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.42
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
930.20
+0.5%
Palladium
995.00
+0.5%
Gold
2,335.16
+0.1%
Silver
27.50
+0.2%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE