Johannesburg - UNobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthi le nhlangano ngeke ibungaze ngokwesula esikhundleni kukaRobert Mugabe.
Uthe bona njenge-ANC iZanu-PF ifana nezihlobo zayo.
“Kumele siqhubeke nokumhlonipha uMugabe ngeqhaza alidlala ekulweleni inkululeko.
OLUNYE UDABA: BUKA: UMengameli waseBotswana edansa kwesula uMugabe
“Kuzomele siqhubeke nokuhlonipha iqhaza lakhe ekulweleni noma ekwesekeni uhlelo lokuthuthuka kwe-Afrika futhi kumele sibungasze ubuyena ngokuba yi-pan-African…"
Phambilini, iPhalamende laseNingizimu Afrika likhiphe isitatimende lithi lisibonile isinqumo sikaMugabe, lathi lokhu kuzosiza ekudlulisweni kwamandla oMbuso ebuholini obusha.
Liphinde lathi liyakuncoma kakhulu ukungaxhamazeli kwabantu baseZimbabwe okuholele ekutheni kungabikho ukuchitheka kwegazi nakuba isimo besishubile.