Johannesburg - Inhlangano yabafundi iCongress of South African Students (Cosas) eLimpopo ifuna uNdunankulu uStan Mathabatha axoshe uNgqongqoshe wezeMfundo u-Ishmael Kgetjepe kulandela izinga lokuphasa kwamatikuletsheni.
Okhulumela iCosas uBenny Mokoena uthe uKgetjepe udumaze abafundi ngokukhiqiza izinga lokuphasa kwamatikuleteshi elingu-65.6%.
OLUNYE UDABA:ICosas inethemba elikhulu ngemiphumela kaMatric 2017
UMokoena uthe ayikho intuthuko yenqalasizinda ezikoleni ezimbalwa ezisemakhaya.
"UKgetjepe kufanele ehle esikhundleni. Sesiside isikhathi uKgetjepe esibambile isikhundla, akukho nokuhle akaxoxa ngakho, undunankulu wesifundazwe kufanele angenelele, kuleli hovoso bahlale bebiza imihlangano yabazali kuphela kodwa hhayi ukuzwa ukuthi abafundi bafunani," kusho uMokoena.
- SABC