Johannesrburg - NgoMsombuluko i-DA ikhiphe isitatimende sokuthi izobhalela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ukuba bahlinzeke usihlalo wekomidi lezokuphathwa komsebenzi kahulumeni uDkt Makhosi Khoza ngonogada abazomvikela.
Lokhu kulandela imibiko yangempelasonto yokuthi uKhoza uthole umqhafazo omsabisayo.
Lokhu akuqali ukwenzeka njengoba sekuphele amasonto ambalwa esatshiswa ngokuthi uzobhekana nezimbila zithutha uma engayiyeki le nto yakhe yokutshela amalungu e-ANC ePhalamende ukuba avote ngonembeza uma sekuvotelwa ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma.
OLUNYE UDABA:Inhlangano ifuna kuvikelwe owe-ANC osongelwa ngokubulawa
UZakhele Mbhele okhulumela i-DA uthi uSotswebhu we-ANC uJackson Mthembu kanye noNobhala-Jikelele uGwede Mantashe babhalela uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete mayelana nokungavikeleki kukaKhoza.
I-DA ithi kumele kuthathelwe phezulu lokhu futhi namaphoyisa kumele angenelele kulokhu njengoba kubonakala sengathi uMbete akakunakile, kubika iThe Citizen.