Share

IChiefs idinga uMessi noma uRonaldo ukufaka amagoli - Inkakha

Cape Town - Lowo owayedlalela iKaizer Chiefs uMark Williams ukholelwa ekutheni le kilabhu idinga ukusayinisa abagadli abasezingeni loDidier Drogba, uLionel Messi noma uCristiano Ronaldo.

Amakhosi akuthola kunzima ukubhakuzisa inethi kule sizini, njengoba umdlali ohamba phambili kwiligi kunguGustavo Paez onamagoli amathathu nje vo ngaphansi kwegama lakhe.

UWilliams ukholelwa ekutheni kuzoyisiza kakhulu ikilabhu ukusebenzisa iwindi lokuthengiselana ngabadlali likaJanuwari ukuthola umgadli uzoyisiza.

Ukhulume neSoccer Laduma wathi: "Eqenjini elikhulu njengeKaizer Chiefs - ibhola lezinyawo limnandi ngokufakwa kwamagoli, abantu akumele bakhulume ngebhola elimnandi nje kuphela. Bazothi badlala ibhola elihle kepha bahluleka ukubhakuzisa inethi. Bayosala bexoxoa ngokwakha amathuba, kepha bahluleka ukuvalela amagoli.

OLUNYE UDABA: 'IChiefs ingamnika isipho esihle uMotaung ngokwehlula iDowns nePirates'

"Yingakho le kilabu idinga abagadli, uma behluleka ukwenza lokho bangangishayela ucingo bangicele ukuba ngifike ngizololonga abagadli.

"Ngicabanga ukuthi ikilabhu kumele izame ukusayinisa okungenani uDrogba uma ihluleka ukuthola uRonaldo noma uMessi - ungahleki, ngoba yikho lokho abakudingayo.

"Uma kukhona umgadli othanda ukungiphonsela inselelo, makaphumele obala simbone efaka amagoli wonke amasonto."

IChiefs izobhekana nePlatinum Stars emdlalweni wayo olandelayo ozoba seRoyal Bafokeng Stadium kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo.

Umdlalo uqala ngo-15:30.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 412 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 867 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.4%
Rand - Pound
23.61
+0.9%
Rand - Euro
20.33
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.10
-0.8%
Palladium
1,030.50
+0.1%
Gold
2,388.47
+0.4%
Silver
28.68
+1.6%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE