Johannesburg - Osomnotho bathi asikho nesincane isidingo sokuthi amakhasimende ebhange iCapitec atatazele kulandela umbiko wenkampani ephenya izinkampani zezimali emhlabeni, iViceroy Research.
Yize kuphume lo mbiko ofaka imibuzo ekutheni leli bhange lenza kanjani ukuthi lihlale lisebhizinisini, ongoti bathi amakhasimende kumele abe nethemba lokuthi imali yawo iphephile, kubika i-Eyewitness News.
Usomnotho ophezulu kwa-Econometrix, u-Azar Jammine, uthi: “Angingabazi ukuthi abantu kumele babe nesiqiniseko sokuthi izimali zabo ziphephile. Ukube iCapitec yayizowa, lokho kwakuyokwenzeka ngesikhathi kuwa i-African Bank.”
OLUNYE UDABA: ICapitec ihlangabezana nayo yonke imibandela yokusebenza kwamabhange - SARB
Usomnotho wePan African Investment and Research, u-Iraj Abedian, uthe uma kukhulunywa ngezithinta ukubhanga, isitatimende esikhishwe yibhange ngodla kumele sethenjwe.
“Abantu kumele balithembe ibhange loMbuso. Leli bhange selizibonakalise kaningi, kusukela ngo-2009, ukuthi ukulawulwa kokusebenza kwamabhange kuleli kungezinye zezinhlelo ezihamba phambili emhlabeni."
Ibhange loMbuso lithe ngokolwazi elinalo, iCapitec iyibhizinisi elinezimfanelo eziphelele ukuqhuba umsebenzi.
Lapha ibiphendula mayelana nombiko weViceroy ngeCapitec, yathi leli bhange liyahambisana nayo yonke imithetho yokusebenza kwamabhange kuleli.
Leli bhange libambe isithangami sabezindaba ngoLwesibili ntambama lazwakalisa ukuthi iViceroy izama ukwenza inzuzo ngalo.