Share

Inhlangano kaJimmy Manyi iphika eyokuthola imali kumaGupta

Cape Town – IProgressive Professional Forum (PPF) “ayiphethwe noma ayitholi imali ngokungemthetho, noma ngokusemthethweni noma ngokuyimfihlo emndenini wakwaGupta,” isho kanjalo esitatimendeni ngoMsombuluko.

UMengameli we-PPF, uMzwanele “Jimmy” Manyi, nowake wakhulumela uhulumeni ngaphambilini, uphinde abe yinhloko yenqubomgomo kuBlack Business Council (BBC) futhi uphinde ahole inhlangano iDecolonisation Foundation.

Lezi zihlangano zihamba phambili ekufuqeni umkhankaso wokuba kube noguquko kwezomnotho eNingizimu Afrika kanti i-BBC yenze izethulo ngesonto eledlule ePhalamende nalapho iPhalamende belilalele ukuthi imboni yamabhange isihambe ibanga elingakanani kwezoguquko.

OLUNYE UDABA: UGordhan ‘udansela isiginci’ seDA ‘nongxiwankulu’ – PPF

Kodwa-ke ilokhu iqhamuke njalo imibuzo ngokuthi lezi zinhlangano ziyinikwa ubani imali, njengoba nelungu leDemocratic Alliance (DA), uDavid Maynier, efuna ulwazi ezinkampanini zikahulumeni kanye neminyango kahulumeni ukuthola ukuthi ubani ofaka imali kulezi zinhlangano.

Okwamanje, izimpendulo zasePhalamende ezanikezwa uNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uLynne Brown, kanye noNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni, uRob Davies, mayelana nemibuzo kaMaynier, ziveze ukuthi uhulumeni ubelokhu efaka imali ku-PPF kanye ne-BBC.

UBrown udalule ukuthi u-Eskom kanye noTransnet banikele ngemali elinganiselwa ku-R840 000 ku-PPF, ekubeni uDavies edalule ukuthi uMnyango wezoHwebo neziMboni wanikeza iBBC imali engu-R7m eminyakeni emithathu eyedlule.

UMaynier ukugxeke kakhulu ukunikela ngalezi zimali kulezi zinhlangano, wathi izinkampani zikahulumeni akufanele zixhase “izinhlangano ezingene zagamanxa kwipolitiki futhi ezikhankasa ziphikisana noNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, kanye neHhovisi loMgcinimafa”.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 468 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 896 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.3%
Rand - Pound
23.66
-0.2%
Rand - Euro
20.21
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.19
+0.3%
Rand - Yen
0.12
-0.0%
Platinum
970.80
-0.5%
Palladium
1,021.50
-0.2%
Gold
2,385.62
+0.1%
Silver
28.16
-2.5%
Brent-ruolie
90.10
-0.4%
Top 40
66,902
-2.2%
All Share
73,000
-2.1%
Resource 10
61,638
-3.6%
Industrial 25
98,321
-1.9%
Financial 15
15,650
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE