Share

IPrasa isiphinde yaqoka ibamba lesikhulu esiphezulu eminyakeni emibili

Johannesburg - Isikhondlakhondla senkampani ehaqwe yizinkinga iPassenger Rail Agency (Prasa) isiqoke uCromet Molepo njengebamba lesikhulu esiphezulu.

UMolepo uyibamba lesikhulu esiphezulu lesithathu ukukhethwa kule minyaka emibili eyedlule.

INews24 ipotshozelwe ezithi uMolepo, owake washiya kwenye inkampani engaphansi kukahulumeni ngezinsolo zokungayiphathi ngendlela imali, uqokelwe esikhundleni sakwaPrasa ngoLwesine ekuseni.

UMolepo ube eseqinisekisa ukuthi uqokelwe kulesi sikhundla.

OLUNYE UDABA: I-MK ichitha imizamo yokubulala usihlalo wePrasa

Ebuzwa ngezinhlelo anazo ukuqinisekisa ukuthi iPrasa ibuyela emgqeni, uMolepo uthe uzoncika kakhulu olwazini analo kulo mkhakha. UMolepo wake waba yinhloko yeRail Operations.

"Sengineminyaka eminingi ngisebenza kulo mkhakha, ngiyawuqonda kakhulu umsebenzi wakwaPrasa. Ngiyazazi futhi izingqinamba le nkampani ebhekene nazo nokuthi yini edingekayo ukuze inkampani ikwazi ukusebenzela umphakathi," kusho uMolepo.

Ngokwemibiko yaphambilini, uMolepo wamiswa wuMngeni Water, KwaZulu-Natal, kulandela izinkomba zokuthi uyathinteka ekusetshenzisweni ngokungemthetho kwemali.

UMolepo nokho uthi akazange amiswe, kepha wazisulela yena kuMngeni Water.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 300 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 425 votes
Vote
Rand - Dollar
18.98
-0.4%
Rand - Pound
23.97
-0.3%
Rand - Euro
20.51
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.37
-0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.5%
Platinum
904.37
+0.8%
Palladium
1,014.65
+1.3%
Gold
2,211.77
+0.8%
Silver
24.71
+0.3%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,332
+1.0%
All Share
74,512
+0.8%
Resource 10
57,108
+2.6%
Industrial 25
104,079
+0.8%
Financial 15
16,481
-0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE