Ishonile indoda eshayiswe yimoto ifake ama-earphone 'ilalele umculo'

Durban - Kushone indoda eneminyaka engu-25 ubudala namuhla ekuseni ngemuva kokushayiswa yimoto KwaZulu-Natal, kubika iNorth Glen News.

Ngokusho kwe-Reaction Unit of South Africa (RUSA), indoda ishayiswe yimoto kuNdwedwe Road eCottonlands ibisebenzela esikhumulweni sezindiza iKing Shaka.

Esitatimendeni, i-RUSA ithe le ndoda ishonele endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA:Ushayiswe yimoto washona ezama ukubalekela izigebengu eThekwini

"Amalungu e-RUSA iphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuthola inqwaba yezingcingo ezivela kumalungu omphakathi bebika ngesigameko.

"Ngesikhathi befika, abosizo lokuqala bahlole isisulu bathola ukuthi sithole amanxeba amabi aholele ekutheni sishone," kusho uPrem Barlam we-RUSA.

UBarlam uqhube ngokuthi nakuba imbangela yengozi ingaziwa, kukholakala ukuthi umufi ubefake ama-earphone elalele umculo ngesikhathi ewela umgwaqo.

"Ngokusho kwabazibonele, umufi ubefake ama-earphone ngesikhathi ewele umgwaqo. Nakuba kunjalo, amaphoyisa iSAPS ayaqhubeka nophenyo," kuqinisekisa uBarlam.

 - The Citizen