eThekwini - Abe-Tourism KwaZulu-Natal (TKZN) banohlelo lwe-KZN Travel Academy nokuwuhlelo lokuxhumanisa labo abasebenza embonini yezokuvakasha kanye nabanikazi bezindawo zokuvakasha.
Lokhu kuzokwenziwa nge-workshop yezinsuku ezimbili, kusukela ngomhlaka-15 kuya ku-17 Mashi 2018.
Izinkampani ezinkulu ezisebenza ngezivakashi ezindaweni ezahlukene njengeThompson Tours Springbok Atlas, FollowMe2Africa, Tourvest, kanye ne-Akilanga, ezisebenza emazweni afana ne-UK, Americas, Germany, India, the Netherlands, China, India kanye ne-East Africa zizohlanganyela ndawonye nabanikazi bezindawo zokuvakasha baKwaZulu-Natal ukubonisana nokudayiselana imikhiqizo eyahlukahlukene.
OyiBamba likaMphathi-Jikelele we-TKZN, uPhindile Makwakwa, uthi ubone ukuthi indlela elula yokuncintisana kwezokuvakasha wukuthi kwakhiwe ubudlelwano obuqinile nalabo abasebenza kule mboni.
OLUNYE UDABA: Ezokuvakasha kumele zikhule ukudala imisebenzi
"Ama-Workshop afana nalawa asiza sikwazi ukuxhumana kanye nokuqinisa ubudlelwano esinabo nezivakashi zakulesi sifundazwe ngosizo lwalabo abanezinkampani zezokuvakasha ezisebenzela nakwamaye amazwe aphesheya," kusho uMakwakwa.
I-KZN Travel Academy wuhlelo olukhethekile oluzosiza abanezinkampani zezokuvakasha kulesi sifundazwe bacobelelane ngolwazi nabanye futhi bafundisane kabanzi ngezinhlelo kanye nezindawo ezikhethekile abangazihambela.
Kulezi zinsuku ezimbili, kuzovakashelwa izindawo ezahlukene phakathi eZululand, eDrankensburg naseMidlands kuze kushaye umhlaka-20 kwephezulu lapho abangama-travel agent bazofunda kabanzi ngalesi sifundazwe ukuze bagqugquzeleke emsebenzini wabo.