Share

Iyanda imibiko yabangenwa yisimungumungwane eKZN

Durban - Ukuqubuka kwesifo isimungumungwane esifundazweni iKwaZulu-Natal kungakhula kakhulu njengoba abantu besaba ukusigomela.

Iziphathimandla zoMnyango wezeMpilo uthi lesi sifo singaholela ezifweni ezifana nobumpumputhe, ukuphazamiseka engqondweni kanye nokunye kanti nabantu asebekhulile bangabhekana nezinkinga.

Iphephandaba iNorth Coast Courier lithi isifunda iLembe sibike ngabangu-27 abanalesi sifo komasipala ababili abangaphansi kwalesi sifunda.

Isikhungo esibhekelele izifo ezisulelanayo sithi abaningi ababikwe ngokuba nalesi sifo ngabantu abalandela inkolo yamaSulumane.

Abantu abalandela le nkolo abavumelekile ukudla noma ukusebenzisa izinto ezenziwe ngenyama yengulube, kanti babenokukhathazeka ngokuthi imishanguzo esetshenziselwa ukugoma i-MeasBio® (Biovac) ithakwe nge-porcine gelatin, etholakala engulubeni.

OLUNYE UDABA:Kutholakale ukuthi akasenaso isifo umculi weGospel

Lesi sikhungo siveze ukuthi isishintshiwe le mishanguzo kanti futhi ayisakhiqizwa le eyayisetshenziswa kudala.

Omunye wodokotela abasebenzela eBallito, uDkt Dinesh Patel, uthe enye yezinto eyenza abazali basabe ukugoma izingane zabo wukuthi bakholwa wukuthi imishanguzo yokugoma iyona ebanga i-autism.

"Lokhu akulona iqiniso futhi kudala kwenziwa ucwaningo oluveza ukuthi imishanguzo yokugomela isimungumungwane ayibangi lesi sifo. Isimungumungwane sikhula ngesivinini uma kushintsha amasizini kanti singena kakhulu izingane ezinamasosha omzimba antekenteke," kusho uPatel.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 124 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 264 votes
Vote
Rand - Dollar
19.19
-0.1%
Rand - Pound
23.86
-0.1%
Rand - Euro
20.42
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.3%
Platinum
953.70
+0.4%
Palladium
1,031.00
+0.2%
Gold
2,384.26
+0.2%
Silver
28.38
+0.5%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,190
0.0%
All Share
73,271
0.0%
Resource 10
63,297
0.0%
Industrial 25
98,419
0.0%
Financial 15
15,480
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE