IZITHOMBE: Kushone ababili kushayisana itekisi nemoto encane

eThekwini -  Kushone amadoda amabili kwalimala abanye abane ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi kushayisana izimoto kuN1 ngaphandle kwaseMusina eLimpopo.

Abe-ER24 bafike endaweni yesigameko kukhona nezinye izinkampani zabezimo eziphuthumayo, bathola imoto yohlobo lwe-SUV ohlangothini lwakwesokunxele, kunetekisi ngakwesekudla.

Leli tekisi liphaphalaze layowela eceleni komgwaqo, kanti ngesikhathi kuhlolwa isimo, kubonakale ukuthi kugqabuke ilangabi kule moto.

Kusize abanye abashayeli bezinye izimoto ukucisha umlilo kule moto kungakafiki abezimo eziphuthumayo.

OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

"Ngesikhathi kuhlolwa isimo sabagibeli ababili abebesemotweni, kubonakale ukuthi balimale kabi. Ngeshwa bekungekho okungenziwa ukuhlenga impilo yabo,'kusho abe-ER24 ngesitatimende.

Abanye abagibeli abane bebevaleleke phakathi kule moto, ngesikhathi kuhlolwa isimo sabo, kutholakale ukuthi basesimweni esibucayi kakhulu.

Umshayeli wetekisi naye uxilongiwe, kodwa ubelimele kancane, ulashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.