Durban - UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa, uHlengiwe Mkhize, uhambele ukuvulwa ngokusemthethweni kweRichmond-Indaleni Community Skills Development Centre, eRichmond, KwaZulu Natal.
Lo mcimbi ubungoLwesihlanu, mhlaka-23 Febhuwari.
UMkhzie utshele abafundi kanye nabazali ukuthi unethemba lokuthi abafundi bazokwazi ukuqashwa yizinkampani ezinkulu ngenxa yezinsiza ezitholakala kulesi sikhungo.
Uphinde wanxusa abazali ukuba beseke izingane baphinde bazigqugquzele ekutheni zisebenzise amathuba eziwanikwa nguhulumeni.