Durban - Umculi kaMaskandi ohlonishwa kakhulu uSbusiso "Bahubhe" Mkhize umeme abalandeli bakhe kanye nabaculi abambalwa lapho ebethula khona ngokusemthethweni icwecwe lakhe elisha.
Abalandeli balo mculi bathe ngeke baphuthelwe yithuba lokumeseka kulo msebenzi wakhe.
Yize umcimbi uqale isikhathi sesihambile, lesi sihlabani besilindwe ngengoma abalandeli bengakhathazekile nakancane ngesikhathi.
OLUNYE UDABA:Usobishini umculi kamaskandi ocula ngabokufika
Kubaculi abebekhona kubalwa ama-yellow bone, okuyizintokazi ezishaya into ecokeme kakhulu.
Ithe isingena insizwa yakwaMkhize enkundleni, kwacaca ukuthi kungena inkunzi yangempela, bonke abantu bephakamisa u-7, njengenjwayelo.