Durban – Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebophe abesilisa abane, okubalwa kubona nephoyisa, ngamacala okubulala enzeka ehostela iGlebelands.
Sekubulawe abantu abalinganiselwa kwabangu-95 kuleli hotsela kusukela ngo-2014, kodwa akekho noyedwa oseke walahlwa yicala.
Ikhomishini kaMoerane, eyenza uphenyo ngezigameko zokubulala okuhlobene nepolitiki eKZN, yatshelwa ukuthi eGlebelands kuhlala izinkabi futhi zisetshenziselwa ukubulala osopolitiki.
OLUNYE UDABA: Kubi kodutshulelwe imali yesitokofela
Ukuboshwa kwalaba kuze ngemuva kwezinsuku ezimbalwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ethule ngokusemthethweni isiteshi esincane samaphoyisa phakathi kule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa uJay Naicker uthi: “Umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala uboshwe eHarding kanti abanye ababili, ona-45 nomunye oneminyaka engu-34 ubudala, babanjwe eGlebelands ngesikhathi kuseshwa elinye lamagumbi.”