Johannesburg – Kuboshwe umsolwa wesibili ecaleni lokushaya elibhekene nalowo owayeyiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana.
Umsolwa wesibili uboshwe ekuseni ngoLwesithathu eNkantolo kaMantshi yaseRandburg, ngesikhathi kuzovela uManana olivumile icala lokushaya.
Ngaphambi kokuqala kwecala, esinye sezisulu sikhombe umuntu obesenkantolo simsola ngokubandakanyeka kuleli cala lokushaya.
Zibe sezimkhalela khona lapho njalo umsolwa wesibili.
OLUNYE UDABA: Umsolwa udutshulwe ekhanda kudutshulwana namaphoyisa
Ngemuva kokuqubuka komsindo mayelana nalezi zinsolo abekwa zona, kwaphoqeleka ukuthi uManana agcine esesulile esikhundleni ayesibambile kuhulumeni.
Students in support of #MduduziManana and Andile Gaelesiwe from #NotInMyName arguing ahead of court proceedings. @News24 pic.twitter.com/oQN4A4fi4r
— Iavan Pijoos (@iavanpijoos) September 13, 2017
#MduduziManana: A small group of students in support of Manana protesting outside the Randburg Magistrate's Court. @News24 pic.twitter.com/u3fhsxZST9
— Iavan Pijoos (@iavanpijoos) September 13, 2017