Kubulawe isaguga, sathathelwa ibhayisikili

Cape Town – Owesilisa obegibele ibhayisikili ugwazwe wabulawa eFish Hoek.

Umufi, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-60 ubudala, uhlaselwe ngumuntu ongaziwa ngoLwesibili ekuseni.

Umbulali ubalekile endaweni yesigameko ngebhayisikili lesisulu kanti namanje ubengakaboshwa.

OLUNYE UDABA: Udedelwe ngebheyili osolwa ngetulo lokubulala umyeni

Ozibonele utshele amaphoyisa ukuthi umsolwa ubaleke ngebhayisikili kanti ugcine ukubonakala ebheke ngasemijondolo yaseKommetjie.

Okhulumela amaphoyisa u-Andre Traut uthi: “Kuyaphenywa ngokubulawa kobegibele ibhayisikili obengakahlonzwa namanje.”