Johannesburg – Iphoyisa likaMasipala eGoli lidutshulwe lalimala e-Ivory Park, ngoMsombuluko ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala, u-Edna Mamonyane, uthe leli phoyisa liye lanikezwa usizo abosizo lokuqala.
OLUNYE UDABA:Lisesimweni esibucayi iphoyisa elidutshulwe amahlandla angu-8
“Okwamanje asikwazi ukunikeza olunye ulwazi mayelana nalesi sigameko ngoba iphoyisa lidinga ukunakwa nokuyiswa esibhedlela,” kusho uMamonyane.
Olunye ulwazi ngalolu daba lusazolandela.
Kwesinye isigameko, amaphoyisa athungatha indoda eyeqe esitiokisini samaphoyisa ase-Orange Farm ngesonto eledlule.
Ukuthi le ndoda yeqe kanjani, akucaci.
Okhulumela amaphoyisa uJohannes Motsiri uthe umsolwa ubeboshelwe icala lokutholakala nemoto eyadunwa.
"Onolwazi noma ongakwazi ukusiza amaphoyisa ukuthola le ndoda uyacelwa ukuba aphuthume esiteshini esiseduzane."