kwaDukuza - Amaphoyisa aKwaDukuza athungatha abasolwa abadubule babulala owesimame bezama ukumgebenga.
Ngokwemibiko etholakele, abasolwa abathathu bahlasele owesimame KwaDukuza ngoLwesine emini emgwaqeni uKing Shaka.
Kuthiwa lo wesimame ubesanda kukhipha imali eyokhokhela abasemakhazeni ngesikhathi ehlaselwa abasolwa.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe owesilisa kwagazwa owesimame kwesokuphanga
Laba basolwa badonse isikhwama salo mama ngenkani, kwathi uma enqaba naso abasolwa bamdubula.
Kulesi sigameko kudubuleke nomunye umuntu obezihambela emgwaqeni, kodwa ngenhlanhla uphuthunyiswe esibhedlela esaphila.
Abasolwa bathathe lesi sikhwama babaleka ngemoto.
Amaphoyisa aphenya amacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nelokugebenga esiteshini samaphoyisa KwaDukuza.