Pretoria – USeshonile umshayeli we-Uber owasha kanzima ngesikhathi imoto yakhe ithungelwa ngomlilo ngabashayeli bama-meter taxi.
ULindelani Mashau wayesemotweni yakhe ngesikhathi imoto yakhe ishiswa ngaphandle kwaseLoftus Versveld ePitoli emasontweni amahlanu edlule.
Akashonanga ngaleso sikhathi, kodwa walimala kanzima.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele owesifazane ozame ukweba usana esibhedlela
I-Uber Drivers Movement ithi ubelulama, kodwa washona kungazelele muntu ngoMsombuluko ekuseni.
Le nhlangano ithi umufi wahlaselwa ngenhloso kwazise kunokungaboni ngasolinye phakathi kwabashayeli be-Uber nabama-meter taxi.
Imboni yama-meter taxi isola abashayeli be-Uber ngokweba ibhizinisi labo.