Kugwazwe owesilisa ebhishi laseManzimtoti ebanjwa inkunzi

eThekwini - Usesibhedlela owesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka engu-46 ubudala ngemuva kokuba ahlaselwe esebhishi.

Lo mlisa ugwazwa esebhishi iWinklespruit eManzimtoti ngoLwesihlanu ebusuku.

Abe-ER24 bafike endaweni yesigameko ngo-20h00 bathola lo wesilisa enamanxeba okugwazwa esifubeni nasengalweni.

OLUNYE UDABA: Kubaleke iziguli kubokala inyoka esibhedlela

Kukholakala ukuthi lo mlisa ubeyedwa ngesikhathi ehlaselwa yisigebengu sihlome ngommese.

Lo mlisa uphuthunyiswe esibhedlela iPrince Mshiyeni Regional Hospital.

Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko.