eThekwini - UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa uthi ubuholi be-ANC buthathe isinqumo sokuthi kulo nyaka kuzobe kuhlonishwa futhi kukhunjulwa uNelso Mandela.
Uthi lokhu kuzokwenziwa ngezinhlelo ezahlukahlukene ukukhumbula leli qhawe.
Kulo nyaka uMandela ubezohlanganisa iminyaka engu-100 azalwa.
"Ubuholi be-ANC buthathe isinqumo ukukhunjulwa leli qhawe ngezinhlelo ezahlukahlukene zokubuyisa isithunzi salo mbutho.
OLUNYE UDABA:UMengameli kaKhongolose uqinisekisa eyemfundo yamahhala
"Ngomhlaka 11 Febhruwari sizohambela eNqunu nokuyikhaiya lalo mholi, lolu wusuku lapho adedelwa ngalo ejele,"kusho uRamaphosa.
URamaphosa, uthi lokhu abakwenza ngesikhathi kukhunjulwa u-O.R Tambo, kuzokwenziwa njengoba kuzogujwa unyaka kaMandela.
Sizohambela izindawo eziningi senza nezinhlelo ezahlukene ukukhumbula leli qhawe elasingenisa enkululekweni, lawa ngamazwi kaRamaphosa.