Kuqinisekiswe ukushona komuntu wesithathu kowe-CT Cycle Tour

Cape Town - Abagqugquzeli beCape Town Cycle Tour baqinisekise ukushona komuntu wesithathu kulo mjaho wamabhayisikili obungeSonto.

Esitatimendeni esidedelelwe abezindaba ngoMsombuluko, abagqugquzeli baqinisekise ukuthi kushone i-marshal yakwaRotary ngemuva kokuthi ingeniswe esibhedlela.

Le ndoda ibisebenzela kwi-S-bend ngemuva komgwaqo ochezukela eLlandudno ngasekupheleni kwalo mjaho ongamakhilomitha angu-109.

OLUNYE UDABA: Kushone owesilisa engozini yamabhayisikili

Okwamanje akucaci kahle ukuthi lesi sigameko senzeke kanjani kanti kuyaphenywa ngaso ngokubambisana namaphoyiska angaphansi kombutho weSouth African Police Services (SAPS).

Ukushona kwalo muntu kubeka kwabathathu isibalo sabashone kulo mjaho obungeSonto.

Omunye umshovi webhayisikili ushone ngemuva kokuthola ukulimala kulandelala ukumbondelana kwamabhayisiliki kuqhubeka lo mjaho eWynberg Hill.

Owesibili ushone ngemuva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo enyuka intaba eSmitswinkel Bay.