Kushone abavukuzi abane abangekho emthetho kugingqika iloli

Johannesburg - Abantu abane abasolwa ngokuba ngabavukuzi abangekho emthethweni, abadume ngokuba oZama Zama, bashonile, kwalimala kabi abanye ababili ngesikhathi iloli libandakanyeka engozini eDriekop, kusho amaphoyisa eLimpopo ngeSonto.

"Ngokwemininingwane, abavukuzi abayisithupha abangekho emthethweni bebeselolini ngesikhathi liphaphalaza, liphenduka izikhawu eziningi, abantu besilisa abane bafa ujuqu,” kusho uBrigadier Motlafela Mojapelo esitatimendeni.

Amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko, eMandagshoek, eMankgakganyane, ngezithuba zabo-21:00 ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owadlwengulela abesifazane endlini yesonto

"Izisulu zitholakale phakathi kwedwala elikhulu kanye neloli,” kusho uMojapelo.

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.

Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso, uphenyo luyaqhubeka.